Life Changer

Life Changer

Share

Church- a great solution for your numerous problems.

13/12/2024

1 Lapho ezulwini
L' ikhaya lam'.
Khona eNkosini
L' ikhaya lam'.
Lapho ngo phumula,
Njalo ngo jabula,
Manje ngi khumbula
Ikhaya lam'.
2 Ayikho inkani
Ekhaya lam'.
Izwe a li fani
Nekhaya lam'.
Si sebumnyameni
Lapha emhlabeni,
Ba sekukhanyeni
Ekhaya lam'
3 UMsindis' u khona
Ekhaya lam'.
Lapho ngi zo mbona
Ekhaya lam'.
U 'kukhanya kwalo,
U li londa njalo,
Ka lu ngen' uvalo
Ekhaya lam'.
4 Ngi ya li nxanela
Ikhaya lam'.
Ngi ya sondezela
Ekhaya lam'.
Nkosi, masinyane
Ma u ngi fumane,
Thin' a si hlangane
Ekhaya lam
NO:333
Amagama Okuhlabelela

13/12/2024

Usaphil' UJesu Manje

Number: 58

1 USAPHIL' uJesu manje;
Awusesabeki, Kufa!
Usaphil' uJesu manje;
Awusenamandla, thuna!
Aleluya!

2 Usaphil' uJesu manje;
Usephume kuwe, thuna!
Nawe, kufa, ungumnyango
Wokungena ebomini!
Aleluya!

3 Usaphil' uJesu manje;
Wafa kanye ngenxa yethu;
Asimphileleke njalo,
Simdumise ngokulunga.
Aleluya!

4 Usaphil' uJesu manje;
Asisahlukani naye;
Sisaphila noma sifa,
Usilondoloza njalo.
Aleluya!

5 Usaphil' uJesu manje;
Uyabusa kukho konke
Siya kuye,siphumule
Nokubusa naye njalo.
Aleluya!

13/12/2024

Amagama Okuhlabelela Hymn 337

Yek’iJerusalema,
umuzi okhanyayo
Ngingeze ngakubala
Okuhle kaphaya

Akukabonakali (
Kudlula konk’ okunye
Kumnandi k’lowo muzi
NeNkosi ‘khona le

Kuyezwakala khona
Ihubo lentokozo
Baningi abangcwele
‘Bakhona laphaya

Bafakazel’ uJesu
Ngegazi nangokufa
Nguye Owakhe khona
Yena ukhona le

Bayaw’phumula khona
Abahluphekileyo
Nabo bayaphiliswa
Inkosi ‘laphaya

Iyabenzeli dili
Bambeswe obumhlophe
Bahube njalo bethi
iNkosi ‘khona le

13/12/2024

Mawungangidluli Jesu

Number: 217

1 MAWUNGANGIDLULI,Jesu,
Yizw'amazwi am';
Lapho ubanye,
Mawungizwe nam'.

Refrain
Jesu,Jesu,yizw'amazwi am
Lapho ubabiz'abanye,
Mawungizwe nam'.

2 Isihlalo esomusa,
Ngikusona nam';
Ngikuqile,ngingumoni,
Ungisize nam'.Refrain

3 Ngokulunga kwakho kodwa,
Ngiyacela nam';
Ungelaphe ngaphukile,
Ngisindise nam'.Refrain

4 Ungumthomba wakho konke,
Nokuphila kwam';
Ezulwini nasezweni,
Yikho konk'okwam'.Refrain

13/12/2024

Kwabase-Efesu 2:17
Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze.

13/12/2024

2 kwabasethesalonika 3 : 2
Nokuba sikhululwe kubantu abadukileyo
Nababi, ngokuba ukukholwa akusikho
Okwabo bonke.

Want your place of worship to be the top-listed Place Of Worship in Tembisa?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Website

Address


Tembisa
1685